Inhlupheko song by Big Zulu from Primary Album Ichwane-lenyoka. The music is composed and produced by Joel. Genre is R&B, South Africa, IsiZulu music. The Record company is unknown. Released on March 12, 2021.
video was originally posted on: Youtube
Inhlupheko Meaning
[[Verse 1: Big Zulu] Sawubona mtanami Ngithemba ukuthi uyaphila Ngokwegama ngudoris Ngiyabonga usuze wafika Mzukulu, leth’ amanzi Ukutheng’ icold-drink ngyafisa Kodwa ikati lilele ezikho Sibong’ umphefumulo masiphila Mtanami angixolise, ukuk’moshela isikhathi Okungezeka ukuthi umatasa Kodwa ngeke ngithath’ isikathi Mzukulu, awleth’ icansi Umalume ake ahlale phansi Angazi ng’zoqalaphi Kodwa ng’celi ukuqala phansi Mangithi ngiyabheka, umama ugcwele usizi Kodwa imbokodo yokuqina le iyibambe ishisa insimbi Mzukulu uyahlakula kukhal’ igeja ugcwel’ insimu Sesizwa ileya nkomo ukuthi silale sidlile ubisi Mtanami angikusho lokhu Mina ngazalelwa ukuhlupheka Ngiyinhlekisa emphakhathini nginana impuphu noshugela Abanye bathi ngiyathakatha Ngithule bengisukela Angiyazi injabulo Kodwa eZulwini ngiyokhululeka , [Chorus: Mduduzi Ncube] Kuyoze kube nini, isimo singashintshi? Inhlupheko, ngikhala eb’suku ne mini Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami We-Jesu nguwe ithemba lami Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele Lobubuhlungu nesimo ngisamukele Imizamo yami iyophela kuwe Ngizophumula xa ndifika kuwe [Verse 2: Big Zulu] Intokozo, mina eyami inzima Njegoba ubona amathuna Bonke la ekhaya bangishiya Lomtwana osemhlane yena ubabakhe wamphika Kusele mina nomzukulu Masihamba kuyosala inxiwa Ngyazi isisho sithi “Alikho ithuna lendlala” Lomtwana engimtetile, unina wamshiya ekhala Lona omdala uhlale ebuza “Ukuphi umama?” Wahamba eyofuna itoho Akaphindanga wabuya ekhaya Mtanami, kunzima kunokuphela iviki ng’ngadlile Ngikhalela uMzukulu abuye eskoleni elambile Kodwa usebenza kanzima Ukuba nekusasa eliqhakazile Ukuthi uphume enhluphekweni Kodwa ezifundweni udlal’ ephasile Eqinisweni, mtanami mina ngyafisa ubaba angithathe Kodwa abazukulu mina ngeke ngibalahle Uyazi isifiso sami ukuthi bafunde baphase Nali ithawula, mtanami Beng’ngaqondile ukuthi ukhale , [Chorus: Mduduzi Ncube] Koze kube nini, isimo singashintshi? Inhlupheko, ngikhala eb’suku nemini Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami We-Jesu nguwe ithemba lami Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele Lobubuhlungu nesimo ngisamukele Imizamo yami iyophela kuwe Ngizophumula xa ndifika kuwe [Verse 3: Big Zulu] Liyaphuma, liyashona Kimi akunamehluko Yebo, ekukhuleni kwami nami Ngakhula ngina amaphupho Ngyathula nje, ngilalele enkozweni besho amahubo Isiqalekiso sami ubaba wabamba elentulo Kwakhala nyonini layikhaya basiqalekisa Amathuna anele ebaleni kushoda elami ngivalelise Beng’ngaqondile ukudabukisa Ngyaxolisa mtanami, akuyona inhloso nje ukubalisa Namhlanje mtanami, asazi siyolala sidleni Into enokungisiza ukuyothengisa erenkeni Ngizivulele itafula ngiqokelele osheleni Kokunye nginokulala khona Ngivuke ngithengise ekuseni Kunzima mtanami, sidla imbuya ngothi Angilazi icala lami, emhlabeni ngiyisoni Kodwa sengivumile, injabulo angiyitholi Angikukhulule mtanami uhambe ilang’ lingashoni , [Chorus: Mduduzi Ncube] Koze kube nini, isimo singashintshi? Inhlupheko, ngikhala eb’suku nemini Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami We-Jesu nguwe ithemba lami Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele Lobubuhlungu nesimo ngisamukele Imizamo yami iyophela kuwe Ngizophumula xa ndifika kuwe] |
Frequently posed queries
- Who is the person responsible for producing the lyrics of Inhlupheko?
This lirics prodiucer by Gobi Beast.
- Can you name the individual who created this track? Inhlupheko
Inhlupheko song lyrics is written by Mduduzi Ncube & Big Zulu
- Who is featured in the Inhlupheko?
Inhlupheko is credited as the featured artist on Mduduzi Ncube